UMNDENI waKwaMseleku oholwa yinhloko yakhona uMusa, namakhosikazi akhe amane uMaCele, uMaYeni, uMaKhumalo noMaNgwabe, bangabanye abaphumele obala baveza ukuthi kuphilwa kanjani emndenini lapho indoda inonkosikazi ongaphezu koyedwa ISITHOMBE: SIGCINIWE
KULEZI zinsuku imishado yesithembu yinto esijwayelekile yize kusenokuhlukana kwemibono ngayo. Kwabanye ungafunga ukuthi ukungena esithenjini kuyimfashini.
Kunezinhlelo zethelevishini lapho abesilisa abanjengoMusa Mseleku, noLucky Gumbi, beveza ukuthi baphila kanjani namakhosikazi amaningi.
Muva nje, kuqubuke omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokuthi ibandla lakwaShembe, ohlangothini lwaseBuhleni, belugoqa umhlangano kaJanuwari.
Umhlangano ogoqwe ngendumezulu yemicimbi ehlukene, okuhlanganisa ukushada kwabayinhlalisuthi bekhetha izintombi, abahlose ukuvusa nazo imizi yasemakubo.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebabaza ubudala babantu besilisa abakhetha “izingane ezincane“. Kuhlalukile ukuthi abanye abakhethiwe bayongena esithenjini.
Isolezwe libe selenza ucwaningo ezinkundleni zokuxhumana, libuza kwabesifazabe imibono yabo ngempilo yesithembu.
Kulolu cwaningo abesifazane bahlukane phakathi ngoba abanye bathe bayazifela ngesithembu, abanye bathi, cha.
Iningi elivuma ukungena esithenjini liqhakambise imali ngoba lithe lingangena ligijima uma “kunamafutha”.
URimpi Mantshinga uthe: “Inkinga bahlukumeza ogogo ngoba bagana omkhulu bethu kuleso sthembu.”
UNtomb'futhi Futhy Zindela uthe: “We bhatata! Inzondo nobuthakathi okusesithenjini. Weeee andizi! Ngathi mina kowami mhla efuna isithembu aqinisekise ukuthi uthatha umuntu oyintombi nto ongenangane, nokuyinto engelula kulezi zinsuku”.
UNomeko Vilakazi uthe:“Mina anginankinga nencane nesithembu uma nje engezukuba yixoki umkhwenyana, athembuze kahle bese esanelisa ngezidingo zemizi yethu, nokudla kwethu kungabi nesiyezi.”
Zanele KaMagcaba Maphumulo uthe: “Umuntu akathi akanankinga nesithembu uma efuna kungenwe kweyakhe indoda. Angajabuleli ukuqhamuka esengena entweni angayazi isukaphi.”
UVuyelwa Bhelekazi Mondi uthe: “Mina nginesikhwele kakhulu ngeke ngilunge ngaphandle uma ngiyela imali futhi ubaba ngimbona kanye ngesonto.”
UHlelokuhle Immaculate Mzilankatha uthe: “Uma nje inemali leyo ndoda noma singaba wu-20 angikhathali wethu noma ngayibona kanye ngonyaka.”
UMamncwabe Manondaba uthe: “Uma nje ngizojabula kuphelile, ukuthi sobe sibangaki anginankinga nencane mangabe sohloniphana nje kuphela.”
UMakaMajongo KamaNkomo Mntungwa uthe: “Angifune sithembu esisemthethweni, angifune sithembu sasemjolweni ngifuna umuntu wami nje ngedwa, uma kumhlula lokho akahambe.”
USikhulile Maka-Kwanga Nxumalo uthe: “Uma nje kunemali noma singabawu-20 ishayile.”
Related Topics: