IMISIKO yeHollywood Durban July kumele incike kukhona konke okutholakala olwandle Isithombe: PINTEREST
UKUFIKA kwendumezulu yomcimbi wengqephu waminyaka yonke iHollywood Durban July (HDJ) obanjelwa eGreyville eThekwini, akusho nje umsebenzi kubasiki bengqephu kodwa noswenka imbala.
Lo mcimbi wakulo nyaka ogabe ngendikimba ethi Ride the Wave usho ukukhipha unyawo ngendlela ehlukile kweyemicimbi edlule.
Ongoti bengqephu bathi njengoba kunolwandle phakathi, kusho ukuswenka uconse ngendlela oyithandayo.
UNksz Sthandiwe Hlongwane weBright Shadow uveza ukuthi into ebalulekile ukukhetha imisiko nezitayela ezizogaba ngemibala yasolwandle.
Olwandle kutholakala izinto ezahlukene okubalwa isihlabathi, ulwandle, amanzi, izinhlanzi ezahlukene, imikhumbi nokunye okuningi umsiko ongasuselwa kukona.
"Umsiko awuyikazele sakushaya amagagasi, ngiyazi abantu abaningi sebejwayele izishweshwe futhi zinayo nemibala yasolwandle, kodwa azingeni nakancane kwiRide the Wave.
“Konke kuzophathelana nolwandle, uma ufuna ukuthola umsiko ofanele kuhle ukusondela kongoti bengqephu abayifundile nemibala ukuze ungashayi eceleni," kusho uNksz Hlongwane.
Nongoti wengqephu uNkk Mamsie uvumelana noNksz Hlongwane ngemisiko yolwandle, uveze ukuthi kodwa koshiyana ukwenza ngezitayela nezandla zabathungi ngoba bagabe ngezinto ezingafani.
"Sizobona kakhulu imibala eluhlaza nemhlophe nohlobo lwemisiko enama-pearls futhi ezingama-mermaids. Izibuko nemisiko ebenyezelayo nelenga ubulivilivi basolwandle kuzoba kuningi okuhlotshiswe ngakho.
“Uma uzogqoka, kumele ucabange into oyikhonze kakhulu emanzini bese ukhetha kuyo,"kusho uNkk Mkhwanazi.
UNkk Mkhwanazi uthe ngisho izicathulo kuzoba nakho okukhomba olwandle kwabesifazane kanjalo nabesilisa.
Uveze nokuthi iziphaqulo nezitayela zasemakhanda zizobe zichitheka kuhle kwamagagasi ekhanda ngenxa yokuvuma kwendikimba.
Lo nyaka uNkk Mkhwanazi uveza ukuthi uzobuyisa umfutho ngakho konke okuphathelene nalo mcimbi.
Uthe ukujula kwabathungi nokusabalala ngemicabango kuzovela emisikweni ezobonakala.
"Silindele izitayela emakhanda ezizobukeka zibacakile sengathi zimanzi izinwele. Uma kungenjalo bazobakhona abayikazelayo kuhambisane namagagasi asolwandle.
“Imvamisa yabantu abazothanda lokhu yilabo abazogqoka izingubo ezibabambayo okuzohambisana nohlobo lwezitayela ezisekhanda,"kusho uNkk Mkhwanazi.
Uthe naye uzichithile izishweshwe, kunalokho waveza ukuthi kulokhu kuzodlisa ngisho imisiko entazayo neyikazelayo.
Related Topics: