UMSIKI wengqephu uNkk Mamsie Mkhwanazi ohlinzekela abohlelo lwabefisafane ngemisiko Isithombe: FACEBOOK/ MAMSIE MKHWANAZI
IZINHLELO zethelevishini ezigabe ngosaziwayo ngezinye zezinhlelo ezinikeza abantu umhlahlandlela ngohlobo lwezitayela ezisuke zisezingeni nezihamba phambili. Lokhu kodwa ngeke kwenzeka uma bengekho abasiki bengqephu abakwazi ukugqokisa ngendlela osaziwayo kusukela ebaleni lesikhumba, isakhiwo somzimba nohlobo lwezitayela ezibenza bahluke.
Uhlelo lwabesimame abashadile iThe Real Housewives of Durban, ngolunye lwezinhlelo ezigqamisa ingqephu futhi okwenza izintokazi zihlale zibukeka kahle.
Umsiki wengqephu osenamava uNkk Mamsie Mkhwanazi we-Afrolucious Designs, kulo nyaka ukhiphe unyawo ngemisiko egqokwa abanye bosaziwayo abavela kulolu hlelo. Echaza ngalo msebenzi uveze ukuthi ukuthola leli thuba kumenze wabona ukuthi wumsebenzi angathanda ukuqhubeka nawo kwithelevishini.
"Ezinye zezingubo bengingalali ngizihlanganisa ebusuku kodwa uma sengizibona sezigqame kwithelevishini nasezinkundleni zokuxhumana, ngiyachazeka. Ngijatshuliswa nawukuthi abanikazi bohlelo bawamukele umsebenzi wami nosaziwayo abagqoka izimpahla zami bayizithanda ngendlela engijabulisayo," kusho uNkk Mkhwanazi.
Yize esenesipiliyoni seminyaka ekugqokiseni osaziwayo nosopolitiki kodwa uNkk Mkhwanazi uveza ukuthi ukuthola umsebenzi ofana nalona kuhambisana nolukhulu uvalo.
"Kukhona ezinye izingubo engithi uma sengizibona kwithelevishini ngifise engabe kukhona engingakushintsha kodwa bebe beyithanda abohlelo noyigqokile. Ukuba umsiki wengqephu ngeke uthi ngoba sewuneminyaka yonke into uyenza ngaphandle kokubhekisisa nokuba novalo. Umsiko womuntu kumele wehluke kwabanye futhi ungaphumi esitayeleni asithandayo ngoba ngeke awuthakasele noma eseswenke ngawo," kusho uNkk Mkhwanazi.
Ukuvezile ukuthi akuzona zonke iziqephu lapho kugqokwe khona izingubo zakhe zonke kodwa kukhona nezabo osaziwayo bese ezifaka imihlobiso.
Related Topics: