OYIMEYA yaseMngeni uMnuz Chris Pappas ophakamisa ukuthi abesifazane babhekelelwe besakhulelwe ngesibonelelo sesondlo Isithombe: Tumi Pakkies/African News Agency(ANA)
KUYINTO ejwayelekile ukuthi abesifazane abaningi abazithwele bangazi bazothathani bahlanganise nani ngenxa yokungasebenzi nokungesekwa obaba bezingane.
OyiMeya yoMasipala uMngeni nozibheke kwesokuba uNdunankulu wesiFundazwe iKwaZulu-Natal uMnuz Chris Pappas uthembisa ukuholela onina bezingane besakhulelwe.
Lokhu ukuveze kwingxoxo ekhethekile abenayo nabeSelect Africa TV etholakala kwiYoutube. UPappas uveze ukuthi uyabuqonda ubunzima ababhekana nabo abesifazane ngesikhathi bekhulelwe kodwa bengasebenzi.
Yize besuke bezosithola isibonelelo sesondlo sikahulumeni kodwa uPappas uveza ukuthi izindleko ziqala ingane isengaphakathi esiswini sikanina nokuyinto azoyisukumela.
"Umama okhulelwe akaholi isibonelelo sesondlo, okusho ukuthi ingane uma isengaphakathi iyahlupheka ngoba umama akakwazi ukuthola ukudla.
“Kuze kube umntwana uyaphuma bese umama kuyima ekwazi ukuthola isibonelelo sesondlo. Sithi uma ukhulelwe kumele ukwazi ukuqala uthole isibonelelo sesondlo ukuze ukwazi ukuzinakekela nomntwana wakho," kusho uPappas.
Selokhu kusabalele ingxenye yesiqephu sale nkulumo abantu bahlukene phakathi, babodwa abazwakalisa ukuyithakasela nokubona engathi izokwehlisa umthwalo kwabesifazane.
Abanye bakhala ngokuthi kungandisa isibalo sabakhulelwa bengasebenzi ngenxa yokuthembela kulokhu.
Related Topics: