Injabulo kuqedwa ngama-e-tolls eGauteng isithombe: Jeffrey Abrahams
UNGQONGQOSHE wezokoThutha kuleli uNkk Sindisiwe Chikunga uqinisekisa ukupheliswa kohlelo lwama-e-toll, oselukhathaze abashayeli baseGauteng iminyaka eminingi.
Ngokwesimemezelo sikangqongqoshe lolu hlelo luzonqanyulwa ngoLwesine phakathi kwamabili nokusho ukuthi kusukela ngoLwesihlanu, abashayeli ngeke besakhokhiswa ngokudlula eamabhulohweni ama-e-toll.
Uthei lawa amabhuloho azoqhubeka nokuma njengoba azosetshenziselwa izinhlelo ezehlukene ukuqapha isimo emgwaqweni kanti namakhamera azosetshenziselwa ukuqapha ubugebengu.
Abanama-akhawunti bazokwazi ukuqhubeka nokuwasebenzisela ezinye izinsiza ezihambisana nezokuthutha, njengokukhokhela izindaba zokupaka izimoto, kodwa abasanezikweletu kufanele baqinisekise ukuthi bayazikhokhela.
“Abashayeli basanesibophezelo sokuthi bakhokhe, lokho kuyisibopho ngokomthetho. Mayelana nokuthi sizokwenzenjani ukuqinisekisa lokho, yinto leyo esizoyilungisa njengoba isikhathi siqhubeka,” kusho uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Panyaza Lesufi obeyingxenye yesithangami nabezindaba.
Yize kuyizindaba ezimnandi lezi, kodwa uStefanie Fick okhulumela i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA) uthe kabathokozile ngokwanele bengakezwa kahle ukuthi uhulumeni uzosikhokhela kanjani isikweletu sezigidi salolu hlelo.
“Kuhle ukwazi ukuthi abantu balwe baze baphumelela njengoba seluqedwa lolu hlelo, kodwa ungqongqoshe uhlulekile wukuchazela izakhamuzi ukuthi izokhokhwa kanjani imali elinganiselwa kuR43 billion eyisikweletu sokwakhiwa kwalo lonke lolu hlelo,” kusho yena.
Related Topics: