USIHLALO wekomiti elibhekelele ukusebenza kwemali yomphakathi ePhalamende, uMnuz Songezo Zibi unxusa i-NPA ukuba isheshise ukushushisa abashushumbisa imali Isithombe: Timothy Bernard
USIHLALO wekomiti elibhekelele ukusebenza kwemali yomphakathi ePhalamende, uMnuz Songezo Zibi, akaneme ngokucotha kophenyo lwamacala okushushumbiswa kwemali nalawo athinta imali esetshenziswa ukulekelela abashokobezi.
Kuleli sonto uZibi utshele uphiko lwezokushusha kuleli i-National Prosecuting Authority (NPA) ukuba izinuke amakhwapha ngokubekwa endaweni embi kweNingizimu Afrika uma kubhekwa ukuphenywa nokujeziswa kwabashushumbisa imali.
Ukhale ngokuthi i-Financial Action Task Force (FATF) ithole ukuthi kulula ukushushumbisa imali esetshenziswa ngabashokobezi eNingizimu Afrika futhi abenza lo mkhuba abashushiswa masinyane.
“Angineme neze ukuthi i-NPA ishaya ngonyawo lonwabu uma kufanele ijezise abashushumbisa imali njengoba kuthiwa leyo mali igcina ixhasa abashokobezi. Sidinga i-NPA isebenze ngamandla ishushise abashushumbisa imali ukuze izwe lethu lizobukeka kahle kwi-FATF. Uma izwe likleliswe endaweni embi yi-FATF akulula ukuthi lithole abatshalizimali,” kusho uZibi.
IPhini loMqondisi wamacala omphakathi kwiNPA, u-Advocate Rodney de Kock, lithe sebelungise izikhalo eziwu-16 kweziwu-22 ezazifakwe yi-FATF.
Ubalule ukuthi beza kahle ekushushiseni abashushumbisa imali esengcupheni yokusetshenziswa ngabashokobezi njengoba amacala abagwebayo eyela ku-80%.
Uthe ngokwakhe iNingizimu Afrika iyasebenza kulo mkhakha futhi zizobonakala izithelo ezinhle zomsebenzi abawenzayo.
UZibi uthe uDe Kock umane uvikela i-NPA nje ngoba ukube isebenza ngokuzikhandla ngabe i-FATF ayizange ithathe isinqumo esinzima ngezwe.
Uthe uma zilungiswa zonke izikhalo ze-FATF izwe kufanele liphume ohlwini lamazwe okulula ukushushumbisa imali kuwo ngoMeyi wonyaka ozayo.
Related Topics: