UMNDENI kabhongoza weqembu lemigulukudu iWest Gang uMngqobi Nzimande umcelele uxolo emphakathini, nakubo bonke abonayo, enkonzweni yomngcwabo wakhe.
Inkonzo yomngcwabo kamufi, uMnqobi Nzimande (24) waseMzomusha eNanda, ibibanjelwe ehholo lomphakathi iRedfern, ePhoenix, namuhla.
Bekuyinkonzo ebingenazo izithameli eziningi njengoba bekuwuhhafu wehholo. Kuphinde kwaqapheleka ukuthi izikhulumi ezimbalwa ezikhulumile bezidle ngokuba mfishane ezinkulumweni zazo.
Akusukumanga muntu ngesikhathi sekubizwa ozokhulumela abangani.
Inkonzo ithathe isikhathi esingaphansi kwamahora amabili ngaphambi kokuba kuphunywe kuyiwe emathuneni.
Udadewabo kanina kamufi, ozibize ngoMakaSmah, uthe kubuhlungu ukuthi bengabazali bayalithwala icala lezingane.
"Izingane zethu asizithumi. Ingane uma isithi yenza into, iyayenza. Kangangoba uma ungathi uyayikhuza, ingavele ibulale wena," kusho uMakaSmah.
Uqhube wathi abazi noma yibo bengabazali abasuke bengakwazi ukuhamba kahle phambi kwezingane.
Ugcizelele eyokuthi akekho umzali othi uma ezala ingane, athi ufuna ibe yisigebengu.
Okhulumele umndeni kababa, uthe bacela ukuxolelwa.
"Sicela ukuxolelwa. Ingane kamfwethu lena," kusho othe ungudadewabo kayise.
Umakhelwane, othe unguMakaMduduzi uthe uMnqobi uyena owavala ukubanjwa kwenkunzi, sebephelile yizigebengu omakhelwane.
"Into enhle ayigqanyiswa. Sizwa kukhulunywa okuningi ngoMnqobi. Thina siyamazi singomakhelwane bakhe. Laba bantu abagcwele la, yithi omakhelwane bakhe," kusho uMakaMduduzi, okuthe sekuphunywa nebhokisi waklolodela amaphoyisa.
Kuvele ukuthi ubethanda iculo elithi "Isandla Somusa," kanti kuthe sekukhishwa ibhokisi lakhe, kwaqhuma umdanso ongasukumi phansi.
Related Topics: