UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ukhiphe isexwayiso kubashayeli ngemigwaqo ecekeleke phansi kanjalo negcwele amanzi njengoba liyidliva eThekwini namaphethelo.
Imibiko yokuqala ikhomba ukuthi ingqalasizinda yemigwaqo ezindaweni ezizungeze uMasipala weTheku iyonakala ngenxa yezikhukhula, okugqamisa kakhulu ukuqina kwesimo esingesihle. I-South African Weather Service ikhiphe isexwayiso esiphuthumayo ngenxa yokuqina kwemvula elindelekile ezophazamisa abantu abaningi ikakhulukazi emigwagweni ngokwanda kwezingozi.
• UM4 ejikeni laseWentworth
• Umgwaqo waseMontpelier ugcwele amanzi
• Ikhona lomgwaqo uJoyce noDonkin ligcwele amanzi
• Umgwaqo Umgeni ugcwele amanzi
• Umgwaqo iNkwali uma ubheke empumalanga ugcwele amanzi
• Ejikeni lika-M4 eRiverside kugcwele amanzi
• Umgwaqo uWaterfall, eSydenham ngasebhulohweni likaN3
• Ekhoneni likaTara noQuality kunexhaphozi
• Umgwaqo u-Harbottle kanye no-East Street kugcwele amanzi
• UM19 entshonalanga ngaphansi kuka-N2 obheke ePinetown kugcwele amanzi
• Umgwaqo uMalukazi ugcwele amanzi
• Umgwaqo uCrescent unomgodi ombozwe amanzi amaningi
Sishubile isimo eDurban Country Club amanzi agcwele mfi kodwa abezimo eziphuthumayo bakhona.
Agcwele mfi amanzi eDurban Country Club ngenxa yemvula pic.twitter.com/6VZcuGtXSE
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) March 2, 2025
• Umgwaqo uBrighton ugcwele amanzi kuze kuyofika kwaCheckers
• Ku-M13 uma ubheke eMgungundlovu ngaphambi kokujoyina uN3 akuhambeki imizila yomibili igcwele amanzi
• Umgwaqo uSofie Saheb ungene eRiverside rd unedamu elikhulu
• Umgwaqo uProspect Hall, eDurban North ugcwele amanzi
• Umgwaqo uSparks ugcwele amanzi kusukela ku-pizza yakwaRomans kuya phambili
• Umgwaqo wamatshe oseduze neReservoir Hills ugcwele amanzi
• Indawo yaseMt Edgecombe Checkstar igcwele amanzi
• Umgwaqo uTara osuka enkundleni yombukiso uya eGarage lakwaCheckers/Shell, kufinyeleleka kuwona kuphela ngezimoto eziphakeme.
• Ibhuloho ligcwele ekugcineni komgwaqo uBlundell uma ubheke ngaseMalvern
• Akuhambeni phakathi kwebhishi laseSiphingo nemijondolo yaseDakota
• Isipingo Rail, eduze kwe-Checksave ne-Boxer
• Umgwaqo u-Alpine
• UM4 ubheke esikhumulweni sezindiza esidala usuka eThekwini
• U-M4, ejikeni likaProspecton Road
• I-M4 eningizimu, kugcwele amanzi kuyo yonje imizila
• Ngaphansi kwebhuloho endaweni yokulahla udoti ngaseMngeni Bird Park
• Umgwaqo u-Riverside, amathantala amanzi kunemoto okubikwe ukuthi iphonseke yalimala
• UForeshore Drive, eBluff uvaliwe ngenxa yokugcwala kwamanzi
• U-Edwin Swales, uma uphuma eBluff, ingxenye yomzila ongakwesokudla kuphela engenawo amanzi
• Ngaphambi nje kwebhuloho ku-M4, imizila ewu-2 engakwesokunxele igcwele amanzi
• Ngaphambi nje komgwaqo uMbilo Rd, yonke imizila igcwele amanzi