313 Elias Basson carries Sylvester Gertze(10) across the Orange River after he and his parents were trapped on a farm on the border of South Africa and Namibia. 160111. Picture: Bongiwe Mchunu 313 Elias Basson carries Sylvester Gertze(10) across the Orange River after he and his parents were trapped on a farm on the border of South Africa and Namibia. 160111. Picture: Bongiwe Mchunu
INTATHELI YESOLEZWE
Kushone omunye wabahlanguli obesiza umphakathi okhahlanyezwe yizikhukhula eCenturion eGoli izolo.
Kuthiwa isikebhe esincane abehamba ngaso siketukile wacwila emanzini kwaze kwadingeka ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela ngebhanoyi elinophephela emhlane lapho efike washonela khona.
Sekuhlangulwe abantu abangu-34 endaweni e-Ivory Park khona eGoli naseCenturion ePitoli emuva kwezikhukhula eziphinde zahlasela lezi zindawo izolo ekuseni.
Okhulumela ezokuphepha komphakathi kumasipala waseTshwane, uMnuz William Baloyi, uthe abantu abane bahlangulwe ezigamekweni ezihlukene emuva kokuba izimoto zabo zihambe nezikhukhula eCenturion.
“Sizogxila kakhulu ezindaweni zomphakathi, singena umuzi nomuzi sibheka isimo,” kusho uBaloyi.
Omunye wesifazane kusolakala ukuthi uthathwe izikhukhula eNellmapius, ngesikhathi sokuloba lapha ithimba labahlanguli belikanise kule ndawo limthungatha.
Okhulumela iNetcare 911 uJeffrey Wicks uthe abesifazane ababili batholwe behleli phezulu ezimotweni zabo emuva kokukhukhuleka emfuleni iHennops e-Irene eCenturion.
Laba besifazane kuthiwa bachithe amahora behleli phezu kokhakhayi lwezimoto zabo, kodwa bobabili bagcine behlanguliwe izolo entathakusa.
UWicks uthi sekusungulwe isikhungo sokusiza bonke abakhahlanyezwe izikhukhula esise Ivory Park esikhumulweni sezicishamlilo.